Salmos 76

GL_ZULU

1 Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo lika-Asafa. Igama. UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda, igama lakhe likhulu kwa-Israyeli.

2 Itabernakele lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseSiyoni.

3 Waphula lapho imicibisholo yomnsalo, nesihlangu, nenkemba, nempi. Sela

4 Uyakhazimula ngobukhosi, lapho uvela ezintabeni zempango.

5 Bachithekile abaqinile ngenhliziyo, balele ubuthongo babo; amaqhawe awafumanisanga izandla zawo.

6 Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.

7 Wena, yebo, wena uyesabeka; ngubani ongema ebusweni bakho ngesikhathi solaka lwakho na?

8 Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini; umhlaba wesaba, wathula

9 mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele, asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela

10 Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.

11 Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo.

12 Uyanquma umoya wezikhulu, wesabeka kuwo amakhosi omhlaba.

Ler em outra tradução

Comparar lado a lado