Salmos 75

GL_ZULU

1 Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. Ihubo lika-Asafa. Igama. Siyakubonga, Nkulunkulu, siyabonga; igama lakho liseduze; balanda izimangaliso zakho.

2 Lapho ngiyakugcina isikhathi esimisiweyo, ngiyakwahlulela ngokulunga.

3 Umhlaba uyancibilika nabo bonke abakhe kuwo; mina ngimisile izinsika zawo. Sela

4 Ngithe kwabazidlayo: “Ningazidli,” nakwababi: “Ningaphakamisi uphondo.

5 Ningaluphakamiseli phezulu uphondo lwenu, ningajoqi ngentamo elukhuni.”

6 Ngokuba ukuphakanyiswa akuveli empumalanga nasentshonalanga nasehlane lasezintabeni,

7 kepha uNkulunkulu ungumahluleli; omunye uyamehlisa, omunye amphakamise.

8 Ngokuba esandleni seNkosi kukhona isitsha; iwayini liyakhephuza; sigcwele ngeliqungiweyo, yona iyathulula ngaso; impela bonke ababi emhlabeni bayakuyimunca inhleze yalo, bayiphuze.

9 Kepha mina ngiyakumemezela ngakho kuze kube phakade, ngidumise uNkulunkulu kaJakobe.

10 Zonke izimpondo zababi ngiyakuzinquma; kepha izimpondo zolungileyo ziyakuphakanyiswa.

Ler em outra tradução

Comparar lado a lado