Salmos 64

GL_ZULU

1 Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Yizwa, Nkulunkulu, izwi lami ekukhaleni kwami, ulondoloze ukuphila kwami evusweni lesitha.

2 Ngisithe esigungwini sababi nasesixukwini sabenza okubi,

3 abalola ulimi lwabo njengenkemba, bakhombe imicibisholo yabo engamazwi ababayo

4 ukuba bamdubule ongenacala ngasesitha, bamdubule ngokuzuma bengesabi.

5 Baqinela icebo elibi; bakhuluma ngokufihla izingibe; bathi: “Ngubani oyakusibona na?”

6 Basongoza izenzo ezimbi, bathi: “Siliqedile icebo elisongoziweyo,” izibilini nenhliziyo yomuntu kujulile.

7 Kepha uNkulunkulu uyakubadubula ngomcibisholo; bagwazwe ngokuzunywa.

8 Bayakuwiswa, baficwe lulimi lwabo; bonke abababonayo bayonikina ikhanda.

9 Bonke abantu bayashaywa luvalo; bayakushumayela izenzo zikaNkulunkulu, baqonde akwenzileyo.

10 Olungileyo uyakujabula kuJehova, aphephele kuye; bonke abaqotho ngenhliziyo bayakuzibonga.

Ler em outra tradução

Comparar lado a lado