Salmos 40

GL_ZULU

1 Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. Ihubo. Bengilindela uJehova; wayesezikhothamisela kimi, wezwa ukukhala kwami. 40:1 AmaH. 18:6.

2 Wangikhipha emgodini wokubhujiswa odakeni lobishi, wamisa izinyawo zami edwaleni, waqinisa izinyathelo zami. 40:2 AmaH. 31:8; 69:14.

3 Wabeka igama elisha emlonyeni wami, igama lokubonga uNkulunkulu wethu; abaningi bayakukubona, besabe, bamethembe uJehova.

4 Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova, ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni.

5 Jehova Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi; akukho okungafaniswa nawe; uma ngiyilanda, ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe. 40:5 Eks. 15:11.

6 Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandi; izindlebe zami uzibhobozile; umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi. 40:6 Isaya 1:11; Mika 6:7; Heb. 10:5.

7 Ngase ngithi: “Bheka, ngiyeza; encwadini esongwayo kulotshiwe ngami ukuthi: 40:7 Joh. 5:39,46; Heb. 10:7.

8 Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.” 40:8 AmaH. 37:31.

9 Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu; bheka, angizivalanga izindebe zami; Jehova, wena uyakwazi. 40:9 AmaH. 22:22,25.

10 Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami; ngashumayela ukukholeka kwakho nensindiso yakho; umusa wakho neqiniso lakho angikufihlelanga ibandla elikhulu.

11 Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho; umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo. 40:11 AmaH. 61:7.

12 Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angaze ngaba nakubona; ziningi kunezinwele zekhanda lami; inhliziyo yami ingishiyile. 40:12 AmaH. 38:10.

13 Makuthandeke kuwe Jehova ukuba ungikhulule; Jehova, mawuphuthume ungisize.

14 Mabajabhe, babe namahloni bonke abafuna umphefumulo wami ukuba bawuhlwithe; abafisa ukulimala kwami mababuyiselwe emuva, bajabhiswe. 40:14 AmaH. 35:4; 70:2.

15 Mabashaqeke ngenxa yehlazo labo abathi kimi: “Ashila, ashila!”

16 Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalo, bathi: “Makadunyiswe uJehova.” 40:16 AmaH. 34:2; 35:27.

17 Noma ngihlupheka, ngimpofu, iNkosi iyanginaka; wena ungumsizi wami noMsindisi wami; Nkulunkulu wami, mawungalibali.

Ler em outra tradução

Comparar lado a lado