Salmos 30

GL_ZULU

1 Ihubo. Igama lokuvula indlu. ElikaDavide. Ngiyakuphakamisa, Jehova, ngokuba ungikhuphulile; awuvumanga ukuba izitha zami zijabule phezu kwami.

2 Jehova Nkulunkulu wami, ngakhala kuwe, wangiphilisa.

3 Jehova, umphefumulo wami uwukhuphulile endaweni yabafileyo, wangiphilisa phakathi kwabashona emgodini.

4 Dumisani uJehova nina enimkhonzayo, nibonge igama lakhe elingcwele.

5 Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje, umusa wakhe uba ngowokuphila konke; kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula.

6 Mina ngithe ekubuseni kwami: Angisoze nganyakaziswa naphakade.

7 Jehova, ngomusa wakho ubuwenzile ukuba iqine intaba yami; wabufihla ubuso bakho, ngase ngithuthumela.

8 Ngakhala kuwe Jehova; nganxusa kuJehova, ngathi:

9 “Kukhona nzuzoni egazini lami nasekushoneni kwami egebeni na? Uthuli luzakukudumisa yini, lushumayele iqiniso lakho, na?

10 Yizwa, Jehova, ube nomusa kimi; Jehova, yiba ngumsizi wami.”

11 Waphendula ukukhala kwami kwaba ngukusina; wangikhumula izingubo zami zokulila, wangembathisa ukujabula,

12 ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli; Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade.

Ler em outra tradução

Comparar lado a lado