Salmos 121

GL_ZULU

1 Igama lokukhuphuka. Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni; usizo lwami luvelaphi na?

2 Usizo lwami luvela kuJehova owenzile izulu nomhlaba.

3 Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele; okulondolozayo akayikozela.

4 Bheka, olonda u-Israyeli akozeli, akalali.

5 UJehova ungumlondi wakho; uJehova ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene.

6 Ilanga aliyikukushaya emini nenyanga ebusuku.

7 UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke; uyakulonda umphefumulo wakho.

8 UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.

Ler em outra tradução

Comparar lado a lado