Isaías 46

GL_ZULU

1 UBeli uyaguqa, uNebo uyakhothama; izithombe zabo zingezezilwane nezezinkomo; enibathweleyo bangumthwalo, banzima ezilwaneni eziyethileyo.

2 Ziyakhothama, ziguqa kanyekanye, azinakuwukhulula umthwalo; nabo uqobo baya ekuthunjweni.

3 “Ngilalele wena ndlu kaJakobe, yonke insali yendlu yakwa-Israyeli engiyithwesiweyo kwasesiswini, yabekwa phezu kwami kwasesizalweni.

4 Noze niguge, nginguye, yebo, noze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.

5 “Niyakungifanisa, ningilinganise nobani, ningiqathanise nobani ukuba sifanane na?

6 Abathulula igolide esikhwameni yini, balinganise isiliva esilinganisweni, baqashe umkhandi wesiliva ukuba enze unkulunkulu, bese bekhothama, bakhuleke, na?

7 Bamthwala ehlombe, bametshathe, bambeke endaweni yakhe ukuba eme khona, angabe esasuka endaweni yakhe; kepha uma umuntu ekhala kuye, akayikumphendula, angamsindisi osizini lwakhe.

8 “Khumbulani lokhu, nime niqinile, nibuye nicabange ezinhliziyweni zenu nina benzi bokubi.

9 Khumbulani izinto zakuqala zamandulo, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye, yebo, nginguNkulunkulu, akakho onjengami,

10 engimemezela ngaphambili okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi: Icebo lami liyakuma, ngiyakwenza yonke intando yami,

11 mina engibiza inqe empumalanga nomuntu wecebo lami ezweni elikude; yebo, ngikhulumile, ngiyakukufikisa; nginqumile, ngiyakukwenza.

12 Ngilaleleni nina enilukhuni ngenhliziyo, enikude nokulunga.

13 Ngiyakusondeza ukulunga kwami, akukude, insindiso yami ayiyikulibala; ngibeka insindiso eSiyoni nodumo lwami kwa-Israyeli.

Ler em outra tradução

Comparar lado a lado